#ANC54 Sihamba noRamaphosa – Lamola

2017-12-17 20:21

Johannesburg – Lowo owayengumholi we-ANC Youth League uRonald Lamola uthi ukholelwa ekutheni uCyril Ramaphosa nguye ofanelwe ukuhola i-ANC uma eqhathaniswa noNkosazana Dlamini-Zuma.

“Eqinisweni akukho zaba ongazibeka ngoNkosazana, kepha umkhankaso kanye nokulengelwa yifu lodaba lobuhlobo obukhona phakathi kukamengameli nabakwaGupta nokunye okuningi, ngicabanga ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukuqinisekisa umphakathi ukuthi inhlangano isibuyele ezandleni zamalungu ayo.”

Uqhube ngokuthi bayadingeka abaholi abasebasha kuKhongolose.

“Kumele thina njengesizukulwane, akukhathaleki ukuthi seseka bani, siqinisekise ukuthi engqungqutheleni ka-2022 sikhetha ubuholi obusha. I-ANC ayikwazi ukuqhubeka nokuholwa yizalukazi namakhehla.”

OLUNYE UDABA: ‘Ngikulungele ukuthunywa ngapha nangapha, ngiyisosha mina’, kusho uMengameli Zuma

Ngaphambilini, izithunywa kule ngqungquthela ziphikise isiphakamiso sokuthi i-ANC ibe namasekela amabili kamengameli.

Ngosuku lwesibili lwale nkomfa edonse amehlo omhlaba, iSekela likaNobhala Jikelele uJesse Duarte uqinisekise ukuthi zingu-4 776 izithunywa ezizovota.

Uthe njengoba sekuqondiswe zonke izinto, ngeke baxhamazele uma sebekhetha ubuholi obusha.

Kulindeleke ukuthi izithunywa zivote namhlanje (ngeSonto) bese ubuholi obusha bumenyezelwa kusasa (ngoMsombuluko).

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...