Amasosha asuse abadayisa emgwaqeni eZimbabwe

2017-12-06 11:00

Harare - Osomabhizinisi abadayisa emgwaqeni edolobheni laseHarare bashaqeke ngesikhathi besuswa lapho besebenzela khona ngamasosha, amaphoyisa kanye nabasebenzi bakamasipala.

Abantu baseZimbabwe bebethokozile bengazi ukuthi ukuphuma kukaRobert Mugabe emasontweni amathathu adlule kuzobashiya emakhazeni namabhizinisi abo.

Abanye abashayeli bamatekisi nabo bazithole besenkingeni ngenxa yalo mkhankaso okuthiwa ungowokubuyisa isithunzi kuleli dolobha.

Laba badayisi basemgwaqeni bathi basebenzela lapha ngoba baningi abantu abathengayo futhi ayikho imisebenzi ehlelekile abangayisebenza kanti ukudayisa kubasiza ekutheni bakwazi ukondla imindeni yabo.

Bathi bebecacanga ukuthi uMengameli wabo omusha u-Emmerson Mnangagwa uzoba nozwelo kubona futhi abatholele nezindawo ezihlelekile lapho bezodayisela khona, kepha kwangenzeka lokho.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amasosha ngelokuzama ukubulala umhleli wephephandaba

Yize kubuhlungu kwabadayisa emgwaqeni, abanikazi bezitolo kuleli dolobha bakuthokozele lokhu. Bathi ukugcwala kwabadayisa emgwaqeni kuwamise kabi amabhizinisi abo kule minyaka emihlanu eyedlule.

"Bama phambi kwezitolo zethu zingabe zisabonakala kahle ebantwini abadlulayo nokuyinto engeyinhle ebhizinisini lethu," kusho osebenzela isitolo esikhulu kuleli dolobha, kubika i-Independent Foreign Service.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...