Amasosha ashone ezama ukusiza abasebenzi eThekwini

2017-02-17 16:01

Durban – Amasosha amathathu eSouth African Defence Force ashone engozini enyantisa igazi enkanjini yamasosha asemanzini eThekwini, abezama ukusiza abasebenzi abathathu betoho ebebehayiza befuna usizo estamkokweni ngemuva kokuvuza kwe-gas, kusho i-SANDF.

Okhulumela i-SANDF, uBrigadier-General Mafi Mgobozi, uthe abasebenzi betoho baseMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi bebesebenza esitamkokweni enkanjini yamasosha.

Bezwakale sebememeza becela usizo.

“Abasebenzi bebememeza bethi kuvuza igesi,” kusho uMgobozi ngoLwesihlanu.

Uthe amalungu eSANDF ezwe ukumemeza kwabantu esitamkokweni angena phakathi kanti nawo azovinjezelwa yigesi.

OLUNYE UDABA: Ingane yesikole ishayiswe yisitimela yashona eThekwini

Kushone abayisithupha kwalimala abangu-26 kulesi sigameko.

UMgobozi uthe amasosha asazama ukuthola ukuthi wuhloboluni lwe-gasi lolu.

Uthe bakhalisana kakhulu nemindeni yezisulu.

Uqhube wathi amagama abashonile azokhishwa maduzane uma sekwazise imindeni.

UMgobozi uthe amasosha asaphenya ngokuthi abanye abangu-26 balimale kanjani.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...