Amaqembu aphikisayo asola i-ANC 'ngomonakalo' njengoba uZuma enqaba ukwesula

2018-02-13 12:30

Johannesburg - Njengoba abantu baseNingizimu Afrika bevuke ngezindaba ezithi i-NEC ye-ANC inqume ukuketula uMengameli Jacob Zuma, amaqembu aphikisayo athi uKhongolose kumele ulungise "le nkinga".

I-ANC kulindeleke ukuthi ibambe isithangami sabezindaba mayelana nesinqumo esithathwe emhlanganweni we-NEC odonse amahora angu-13 obubanjelwe e-Irene ngaphandle kwasePitoli.

Kukholakala ukuthi ngemuva kokuthi uZuma enqabile ukwehla esikhundleni njengomengameli wezwe, isigungu esiphezulu esithatha izinqumo kule nhlangano sivumelane ngokuthi kumele akhishwe esikhundleni, ngokuhambisana noMthethosisekelo we-African National Congress onikeza i-NEC igunya lokuketula umengameli.

NgoLwesibili ekuseni kubonakale uNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule emzini kaZuma ePitoli, kanti kunokuhlawumbisela kokuthi ubehambise incwadi enxenxa uMengameli ukuba ashenxe esikhundleni.

OLUNYE UDABA: UMbete uxoxisana nezinhlaka ezehlukene ngezimfuno zamaqembu aphikisayo

UBantu Holomisa ubhale kuTwitter wanxusa i-ANC ukuthi ingamosheli abantu bakuleli isikhathi. Uthe ukholelwa ekutheni le nhlangano idlale ngabantu bakuleli ngakho kumele ijoyine amaqembu aphikisayo ekutheni kuketulwe uZuma ngevoti ukuze "kulungiswe lo monakalo".

I-ANC ingaphansi kwengcindezi yokukhipha isinqumo ngekusasa likaZuma njengoba amaqembu aphikisayo enxenxe ukuthi uSomlomo wePhalamende alulethe ngeneno usuku lokudingida eyokuketulwa kukaZuma.

I-EFF isimnikeze umnqamulajuqu omusha ka-13:00 ngoLwesibili.

Okhulumela iDemocratic Alliance kuzwelonke, uPhumzile van Damme, uthe uma kungukuthi uRamaphosa unawo amandla ngaphakathi kwi-ANC, uzokwazi ukukhipha umyalelo wokuthi i-NEC ixoshe uZuma.


- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Mostly sunny. Warm. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...