Amaqembu aphikisayo akwamukele ukuhlehliswa kwe-SONA

2018-02-06 16:01

Johannesburg - USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete umemezele ukuthi bafake isicelo sokuthi ihlehle inkulumo yokuvulwa kwePhalamende obekulindeleke ukuthi ibanjwe ngomhlaka-8 Febhuwari (ngoLwesine) ngo-19:00.

Uthe usuku olusha luzomenyezelwa kungekudala.

UMbete uthe bebehambisa lesi siphakamiso kuMengameli Jacob Zuma kanti bazofika uZuma eloba incwadi.

Amaqembu aphikisayo aphawule azwakalisa ukuthi ayakwamukela ukuhlehliswa kwale nkulumo. I-EFF iveze ukuthi kuyoba yinhlanhla uZuma ehambe ngokuthula, ngaphandle kokudala isiphithiphithi.

I-DA nayo ikhulume ngomlomo kaJohn Steenhuisen yathi uZuma wenze isinqumo esiphusile: "Sijabule kakhulu, siyethemba ukuthi lesi yisiphetho sikaMengameli Zuma."

Umholi we-DA uMmusi Maimane ukhiphe isitatimende wathi bayajabula ukuthi uMbete usihloniphile isicelo sabo sokuthi kuhlehliswa i-SONA.

USotshwebhu we-ANC uJackson Mthembu uthe i-ANC iyasamukela isinqumo sokuhlehliswa kwenkulumo ebhekiswe esizweni lapho umengameli esuke ekhuluma ngokuthi uhulumeni uzoyisebenzisa kanjani imigomo eyaphakanyiswa kwiJanuary 8 Statement.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...