Amaphoyisa e-KZN adubula abulala 2 weziboshwa ezeqe ejele laseGoli

2018-04-11 14:01

Durban  - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal adubule abulala abasolwa ababili abebeyingxenye yeziboshwa ezewe ejele laseGoli ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe KwaZulu-Natal, uSimphiwe Mhlongo, uqinisekise ukuthi amaphoyisa adubulane nabasolwa abeqe ejele.

"Amaphoyisa ophiko i-Organised Crime Unit athole imininingwane mgeziboshwa ezeqe ejele eliseGoli. La maphoyisa abesebenzisana nawophiko lwe-K9 eThekwini kanye neProvincial Tracking Unit eduzane naseGreytown ngezithuba zabo-22:30 izolo ebusuku."

UMhlongo uthe abasolwa babonwe behamba ngemoto okubikwe emaphoyiseni ukuthi iyasolisa.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa isigameko sokweqa kweziboshwa eGoli

"Imoto ibonakale ku-R33 eduzane naseGreytwon. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyimisa, abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

"Amaphoyisa nawo aziphindiselela edubula ngenhloso yokuzivikela wase kushona abasolwa ababili."

Abasolwa abashonile okwamanje abakazukuhlonzwa.

"Abasolwa abakazukuhlonzwa kuze kube kubikelwa iomindeni yabo."

Ukwazile ukukuqinisekisa ukuthi abasolwa bebelinde ukuba kuqulwe amacala abo okubulala.


UMhlongo uqhube ngokuthi ngoba abasolwa beqe eGoli, amaphoyisa aseGoli asendleleni eza la KwaZulu-Natal ukuzobahlonza.


 - Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...