Amaphoyisa awafuni ukuphumela obala ngophenyo lwababili ababulawa eMlazi

2017-02-17 12:31

Durban -  Imindeni yaselokishini laseMlazi ikhala ngokunganakwa ngamaphoyisa mayelana nophenyo lokubulawa kwezihlobo ngonyaka odlule.

UZethu Shozi, 40, wakhona eMlazi noSihle Lukhele, 24, odabuka oPhongolo – owayeseThekwini ngomsebenzi, babulawa ngomhlaka 24 Ephreli 2016, behlaselwe ngesikhali esifana nenduku yegalofu.

UShozi kuthiwa wayelimele kabi kangangokuba wayengasabonakali nokuthi ungubani, ubuchopho bakhe namathambo ogebhezi kusaphazeke phansi, kubika ILANGA ngaleso sikhathi.

Ngokwemibiko eyatholwa amalungu omndeni kaLukhele, laba bahlaselwa abafana bendawo abaziwayo, yingakho abasolwa banquma ukuthi bababulale ngesihluku esingaka.

Ekhuluma nabeZindaba24 uDumsani Thabede ongmfowabo kaLukhele uthe: "Watholakala umfana okunguyena umnikazi wenduku yegalofu okuyiyona eyasetshenziswa ukuhlasela uSihle nosisi Zethu.

"Umnikazi wenduku wasitshela amagama abantu abebeyiphethe ngoba efuna ukugeza igama lakhe mayelana nokubandakanyeka kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kubatshazwe isihluku kuklajwa abebeya emsebenzini eMlazi

"Ngesikhathi sixhumana nephoyisa lasitshela ukuthi uyedwa umsolwa owaboshwa ngaleli cala futhi kwatholakala ukuthi unelinye icala lokubulala. Asazi ukuthi waboshelwa leli noma elinye, futhi asazi nokuthi uke wavela na enkantolo," esho.

Ngokusho kukaThabede, abanye abasolwa abathintekayo sebabaleka kule ndawo futhi sebekhonywa ezindaweni ezahlukene, oLundi kanti omunye ukhonjwa ePortshepstone.

"Abanye abasolwa nabo abahlala kuyo le ndawo sebabaleka, kunzima kithi siwumndeni ukuthi singalulandela lolu daba sodwa ngoba sasinethemba lokuthi amaphoyisa azobuyela kithi."

Umndeni kaShozi nawo ukhala ngokuthi amaphoyisa awakaze abuyele kuwona ngokuqhubeka kwecala.

Imizamo yabeZindaba24 yokuxhumana nomseshi waleli cala iphunzile ekhonjwa ngapha nangapha. Yize kunjalo, isikhungo sabezindaba emaphoyiseni sibike ukuthi ukhona umsolwa owaboshwa futhi wavela nasenkantolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...