Amaphoyisa athungatha izigebengu ezibambe imoto yemali zabulala ebezihamba naye

2017-10-06 11:00

Johannesburg – Amaphoyisa athungatha abasolwa abane ababambe inkunzi imoto ethwala imali yakwa-G4S egaraji lakwa-Caltex ngaku-N14 eBrandvlei, eRandfontein ngoMsombuluko.

Amaphoyisa aphenya ngecala ngemuva kokuba abasolwa ‘beshayise’ omunye umsolwa ebebehamba naye, ngesikhathi sebebaleka ngemoto. Isisulu esineminyaka engu-49 ubudala sishonele endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Lucky Matome uthe abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga, kanye nesibhamu sonogada sohlobo lwe-9mm.

Esinye isibhamu se-9mm sitholakale endaweni yesigameko, kodwa izinombolo zaso bezicinyiwe, kusho uMatome.

OLUNYE UDABA: Kubulawe ebebedubulana namaphoyisa eNanda

Ngokusho kukaMatome, abasolwa abahlanu baye egaraji emini ngoMsombuluko bephethe izibhamu behamba ngemoto yohlobo lwe-Audi enezinombolo okungezona ezayo.

Laba besilisa bavulele ngenhlamvu, kwalimala umshayeli wemoto yonogada nomsizi wakhe.

IDirectorate for Priority Crimes Investigation (oKlebe) iyaphenya ngalolu daba kanti isicele onemininingwane ukuba athinte i-Crime Stop ku-0860010111.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-8 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...