Amaphoyisa athungatha imigulukudu eqhumise ama-ATM amabili

2017-10-16 19:31

eLetsitele - Amaphoyisa aseLetsitele ngaphandle kwaseTzaneen aphume umkhankaso wokuthungatha iqulu lamadoda aqhumise ama-ATM amabili.

Kukholakala ukuthi abasolwa abebehlomile kuleli dolobha laseLetsitele baqhumisa i-ATM yakwa-FNB kanye neyaseCapitec, egalaji.

OLUNYE UDABA:Iboshiwe indoda eshise umuzi wentombi ngoba yaliwa

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moetshe Ngoepe uthe akukacaci kahle ukuthi ikhona yini imali ethathiwe kule mishini.

UNgoepe uthi kudutshulwe iveni lamaphoyisa elifike kule ndawo lizohlola isimo kanti lizothola izigebengu sezizama ukubaleka.

Kunxuswa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ngokuxhumana namaphoyisa akule ndawo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...