Amaphoyisa athungatha abasolwa ngemuva kokushiswa komtholampilo

2017-06-15 18:00

Rusternburg – Akukaboshwa muntu kulandela isigameko sokushiswa komtholampilo eSunrise Park ngaseRustenburg.

“Sisalandela imikhondo embalwa, kanti futhi sinxusa umphakathi ukuba usilekelele ngolwazi olungaba wusizo,” kusho okhulumela amaphoyisa aseRustenburg u-Elsabe Augoustides.

Amaphoyisa athi umphakathi uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamatshe ngasemijondolo yaseMpho Khunou kwahlaselwa nezimoto ngamatshe.

Isisxuku sabantu basuke lapho base beya emtholampilo oseduze.

OLUNYE UDABA:"Umtholampilo walimaza umphambili wendodana yami"

Bafike emtholampilo bavimbezela onogada babathathela omakhalekhikhwini.

“Abasolwa bagqekeze amasango asemtholampilo baphula amawindi base bewokhela ngomlilo. Ngemuva kwalokho abasolwa babuyele konogada babaphuca omakhalekhukhwini ngaphambi kokubakhulula,” kuqhubeka yena.

Abasolwa babaleke ngezinyawo kanti amaphoyisa athi aphenya icala lokulimaza impahla kanye nelokushisa, kubika i-eNCA.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...