Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili ngawokudlwengula

2017-01-04 16:01

Durban - Amaphoyisa aseBrighton Beach acela usizo lomphakathi ngabasolwa ababili abafunelwa amacala okudlwengula.

Umsolwa wokuqala uKasongo Tshikoyi, 32, odume ngelikaRasta. Yena ufunela icala lokudlwengula elenzeka ngomhlaka 3 Febhruwari 2015.

Lo mlisa kuthiwa wadlwengula owesimame oneminyaka engu-26 ubudala ohlala eGlenwood.

Wagcina ukubonakala mhla ethola ibheyili enkantolo kaMantshi yeTheku kanti kusolakala ukuthi useYoeville eGoli.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa ngokubulala ummeli odumile eKapa

UNkosingiphile Mabuza Dlamini,34, naye ufunelwa icala lokudlwengula elenzeka ngomhlaka 1 kuFebhruwari 2016.

Lo mlisa wadlwengula ingane eneminyaka engu9 ubudala yaseCato Manor, Durban. Kuthiwa wanyamalala endaweni kanti kusolakala ukuthi uhlala nezihlobo kwelaseSwazini.

Uma khukhona onolwazi ngalaba bobabili, xhumana noSayitsheni Samantha Fynn ku-031 203 7334 noma ku-082 930 8615.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...