Amaphoyisa athungatha ababambe imoto yemali eLimpopo

2017-11-14 12:32

Limpopo - Uphiko lwamaphoyisa oluphenya amacala akhethekile lithungatha abasolwa abagebenge imoto yemali.

Amaphoyisa athi bangu-8 abasolwa okukholakala ukuthi bahlasele bagebenga imoto yemali ngoMsombuluko ekuseni emgwaqeni uNkowankowa ngphandle kwaseTzaneen.

Kukholakala ukuthi lesi sigameko senzeke ngo-11h00 ekuseni ngesikhathi iqulu labasolwa abebehlomile bevimbezela imoto yemali iphuma kothatha imali egalaji likaphethiloli.

OLUNYE UDABA:BUKA: Konke okwenzekile kubanjwa inkunzi imoto yemali

Laba bavele bavulela ngenhlamvu balimaza umshayeli ngaphambi kokuthatha izikhwama zimali  kanye nezibhamu ezine zonogada.

Abasolwa bebehamba ngesimoto ezimbili iveni lakwaToyota elinezinombolo CPY 619 L kanye neFord Focus esiliva ngokombala.

Uma kukhona onolwazi olungaba wusizo angaxhumana noLieutenant Colonel Callie Smith ku-082 451 7156.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...