Amaphoyisa athole umsolwa edla izicubu zowesimame oshonile, E.Cape

2017-09-10 09:04

Port Elizabeth – Izakhamuzi zaseMount Frere zisale zibambe ongezansi zizwa ngowesilisa okusulakala ukuthi ubulale owesimame ngemuva kokumthatha ngenkani edolobheni.

Kuthiwa lo mlisa uthathe lo wesimame wayombulalela kwakhe kanti amaphoyisa athole umsolwa eseqalile ukumudla.

Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape uCaptain Edith Mjoko uthe lo mlisa oseminyakeni yo-23 ubdala uthumbe owesimame edolobheni laseMount Frere ngoMgqibelo emini ngo-13h00.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ubulale owesifazane wadla izicubu zomzimba wakhe

Kuthiwa lo msolwa ukhombe owesimame ngommese ewubeke emqaleni ngasegalaji lakwa-Engen edolobheni wahamba naye wamyisa kwakhe.

Umama womsolwa obone konke okwenzekile uyena ushayele amaphoyisa.

"Ngesikhathi amaphoyisa efika, athole umsolwa ezitika ngezicubu zomzimba walo wesimame oshonile,"kusho uMjoko.

UMjoko uthi ngesikhathi amaphoyisa atshela umsolwa ukuthi akayeke lokhu akwenzayo azinikele, uvele wavuka ngolaka wabahlasela ngommese.

Amaphoyisa aqhumise isibhamu phezulu ezama ukumsabisa kodwa waqhubeka nolaka lwakhe. Utshuliwe kodwa ngenhlanhla akazange ashone, uphuthunyiswe esibhedlela lapho agadwe khona ngamaphoyisa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...