Amaphoyisa athembisa ukhetho olungenazihibe

2016-08-03 09:06

Durban - Amaphoyisa aphume ngobuningi bawo ezindaweni ezahlukahlukene kuleli ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luhamba kahle.

ILimpopo, iKwaZulu-Natal kanye neGauteng izindawo eziqashwe ngelokhozi njengoba ziziningi izigameko zodlame kulezi zindawo, kubika iSABC News.

UMengameli uJacob Zuma umemezele ngoLwesibili ukuthi kuzokwengezwa namasosha angu-2000 ukusiza amaphoyisa kanye namaphoyisa kamasipala.

Ibamba likakhomishana wamaphoyisa uKgomotso Phahlane uthe:"Abantu bakuleli kumele baphume ngobuningi babo beyovota ngaphandle kokwesaba ngoba leli ilungelo labo. Ababe nesiqiniseko sokuthi amaphoyisa azobe ebaqaphile."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...