Amaphoyisa athembisa ukhetho olungenazehlakalo

2016-08-03 08:43

Johannesburg - Abezokuphepha bazobe besiqaphe ngelokhozi isimo okhethweni lwangoLwesithathu- njengoba kuzokwandiswa isibalo sabo ezindawo ezingaphezu kwezingu-200 ezithathwa njengeziyingozi.

Isifundazwe saseLimpopo sinesibalo esiphezu sezindawo ezithathwa njengeziyingozi njengoba zingu-56, kulandele iKwaZulu Natal ngezingu-40 bese kuba yiGauteng ngezingu-36.  

UMengameli Jacob Zuma uphinde wagunyaza ukutshalwa kwamasosha angaphezu kwangu-2 000 ezweni lonke.

Funda nalolu daba: Ngizovotela izindlu zangasese nje kwaphela - Isakhamuzi

Amasosha azophinde atshalwe naseVuwani ngenhloso yokulekelela kule ndawo osekuphele izinyanga ezintathu inemibhikisho enodlame.

Ibamba likakhomishana wamaphoyisa uKgomotso Phahlane uthe bakulungele ukwethula ukhetho olungenazehlakalo, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...