Amaphoyisa asiqaphile isimo njengoba kubhikisha omakhi

2018-01-09 11:03

Johannesburg – Amaphoyisa asiqaphile isimo emgwaqeni u-R556 phakathi kwaseSteyn City naseDiepsloot njengoba kunombhikisho umbhikisho.

Ekuseni, ababhikishi bavale imigwaqo emikhulu engenela kule ndawo.

Ababhikishi bathi bangomakhi abasafufusa ebasebenzela uhulumeni waseGauteng osekuphele isikhathi bengabakhokheli.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni umlimi osolwa ngokubulala isisebenzi

Labo makhi bathi sekunesikhathi befaka izikhalazo kwiziphathimandla, kodwa namanje lolu daba alukaxazululwa.

Bafuna uNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura azifikele mathupha ukuzokhuluma nabo ngalolu daba.

Basabisa ngokuthi umsebenzi ngeke uqhubeke kuze kube bayaziswa ukuthi bazokhokhelwa nini.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...