Amaphoyisa ashaqe i-mandrax engabiza u-R3m

2017-08-16 12:28

Colesberg – Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zohlobo lwe-mandrax ezingabiza u-R3 million ngoLwesithathu ekuseni.

Amaphoyisa amise imoto ebisolisa yohlobo lwe-Audi ngasegaraji ku-N1, nokuthe uma eyisesha imoto athola izidakamizwa.

Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-54 ubudala ongowaseGauteng.

OLUNYE UDABA: Incwadi yesiboshwa ikhalise uBabes Wodumo

Umkhuzi wamaphoyisa asePixley Ka Seme, uBrigadier Nomahlubi Sofika, uthe kubukeka sengathi umsolwa ubelinde umuntu othile obesuka e-Eastern Cape ezolanda izidakamizwa.

USofika uncome umsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa aseColesberg.

Umsolwa oboshiwe kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eColesberg maduzane.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...