Amaphoyisa aseshe abafundi, kwashaqwa inqwaba yezikhali

2018-03-13 17:59

Johannesburg - Amaphoyisa asentshonalanga nasenyakatho yeTshwane abeyimbumba elwisana nobugebengu emadolobheni nasemalokishini.

Kubafundi abangu-2 200 abaseshiwe ezikoleni ezimbili abanye babo baphucwe imimese engu-6 nezi-screwdriver ngoLwesihlanu.

Lo mkhankaso uza ngemuva kokuthulwa kabusha kwe-Operation Fiela ngoJanuwari wethulwa nguFikile Mbalula obenguNgqongqoshe wamaPhoyisa.

OLUNYE UDABA:'Kumele kuseshwe wonke umuntu ongena ezibhedlela'

Okhulumela amaphoyisa eGauteng uMathapelo Peters uthe: "Lo msebenzi uzoqhubeka kuze kwehle izinga lobugebengu."

Khonamanjalo kwesinye isigameko kuqhutshwa wona lo msebenzi, amaphoyisa eRietgat amemezele ukuthi azovakashela ezikoleni ezimbili iSenthibele High neKondelelani Primary.

Abafundi ababili, oneminyaka engu-17 nonengu-21 ubudala batholwe nomthunzi wezinkukhu ngesikhathi beseshwa.

Okhulumerla amaphoyisa uStephen Maluleka utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi umfundi ona-21 ubudala uzothweswa icala lokutholakala nesidakamizwa.

Lo omunye umfundi osemncane ngokweminyaka udedelwe ezandleni zabazali bakhe.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...