Amaphoyisa aseGoli abophe intombi ngecala lokugwaza isoka

2018-01-05 18:01

eGoli - Owesimame waseGoli waboshwa ngomhlaka 1 kwephezulu ngecala lokugwaza isoka lakhe besethaveni edolobheni.

Ngokubika kwephephandaba iNorth Eastern Tribune lo wesimame uboshwe ekhoneni lika-Nugget no-Anderson ntambama ngo-3.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uKaputeni Xoli Mbele uthe lo wesimame oneminyaka engu-35 ubudala uzogcinwa ezitokisini njengoba ebhekene necala lokuhlasela ngenhloso yokulimaza.

"Kuthiwa lo msolwa ugwaze isoka lakhe elineminyaka engu-28 ubudala ngebhodlela. lokhu kwenzeke ekhoneni likaMain no-Polly edolobheni emini ngo-2,"kusho yena.

OLUNYE UDABA: Bazovela abathumbe owesimame kwaMaphumulo beyomganisa eBergville

Kuthiwa lo mlisa ubexabana nalo mama wezingane zakhe ezimbili ngesikhathi emshaye ngebhodlela ekhanda wase eyamgwaza.

Imbangela yelesi sehlakalo ayikacaci kahle, kodwa lo mlisa uhlengwe abezimo eziphuthumayo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...