Amaphoyisa asecela usizo lomphakathi ngothisha waseNquthu

2016-08-21 11:04

Johannesburg – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal anxusa umphakathi waseNquthu ukuba uphumele obala nolwazi olungaholela ekuboshweni kukathisha osolwa ngokudlwengula abafundi abayisithupha.

Imikhuba yalo thisha ivele ngemuva kokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana, enza ucansi nesinye sezisulu zakhe.

UMnyango wezeMfundo esifundazweni uqinisekisile ukuthi lo thisha umisiwe emsebenzini.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa ugcwele amathafa uthisha ‘ozishuthe elele nomfundi’ eNquthu

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi lo thisha unyamalale ngesonto eledlule ngemuva kokuvulelwa icala lokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe: “Asimtholi ndawo umsolwa ngoba nalapho ehlala khona akekho.”

Lo thisha kuthiwa ubedlwengula izingane kusukela ngo-2012.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...