Amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi

2017-07-04 12:29

Johannesburg – Amaphoyisa adubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi abebevimbe imigwaqo embalwa elokishini eSoweto ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele utshele abe-News24 kuthi abashayeli bezimoto kumele bagweme imigwaqo u-Elias Motsoaledi Road kanye noChris Hani Road njengoba kuvinjwe ngamatshe futhi kushiswa namasondo.

UMakhubele uthi isimo sisemanzonzo kakhulu yize amaphoyisa ekwazile ukuhlakaza ababhikishi.

OLUNYE UDABA:Ababhikishi sebecekele phansi isitolo sowokufika eGoli

Baphakathi kuka-100 no-200 abantu ababhikishayo kanti okwamanje abekho ababoshiwe.

Okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGoli u-Edna Mamonyane uthi kuphazamiseke kakhulu ukuhamba kwamabhasi eRea Vaya eSoweto.

Kuthiwa lezi zakhamuzi ezibhikishayo zikhala ngogesi wekhadi abafakelwe wona kanye namanzi amahhala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...