Amaphoyisa asathungatha olaxaze isidumbu somuntu emgwaqeni

2017-08-20 14:03

eKapa- Amaphoyisa asathungatha umsolwa obulale owesilisa walaxaza isidumbu sakhe emgwaqeni ePort Elizabeth.

Isidumbu salo mlisa sitholakale eceleni komgwaqo kanti kukholakala ukuthi lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule endaweni yaseBooysens Park.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu izelamani zibanga intambo kagesi

Ozibonele ngawakhe kulaxazwa lesi sidumbu ushayele amaphoyisa ngemuva kokubona imoto emhlophe ima eduze kwakhe.

Umshayeli wale moto uphume wakhipha okuthile ebhuthini kanti isidumbu somuntu.

Okhulumela amaphoyisa uPriscilla Naidu uthi umufi ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...