Amaphoyisa asadidekile ngesidumbu esitholakale emuva kwendlu

2017-03-10 15:25

Johannesburg – Amaphoyisa athi isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-29 ubudala esitholakale eTladi asihambisani nesigameko lapho isoka lidubule intombi lase liyazibulala ngoLwesithathu.

Lesi sidumbu sitholakale ngemuva komuzi emagumbini aqashisayo kuwo umuzi wesigameko lapho isoka belivalele khona intombi lisabisa ngokuyibulala uma amaphoyisa engalisuli icala ebelibhekwe lona.

Ngokusho kwamaphoyisa, akukho okumatanisa lesi sidumbu nesigameko sangoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:Isiqashi sitholakale sifile eSoweto kulandela isigameko sowazibulala

Le ndoda itholakale inenxeba lokudutshulwa emzimbeni.

Izihlobo zalo mlisa yizona ezibikele amaphoyisa ngesikhathi zithola isidumbu sakhe.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi ngabe umufi lo udutshulwe esigamekweni sangoLwesithathu noma cha.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...