Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kwabantu abathathu

2017-04-21 12:31

Cape Town – Amaphoyisa aphenya isigameko sokubulawa kwabantu abathathu eNyanga, eKapa, okuthiwa badutshulwe ngoLwesithathu ebusuku ngasesiteshini samaphoyisa kule ndawo.

Okhulumela iNyanga Community Policing Forum, uMartin Makasi, uthe okwamanje ayicaci imbangela yalesi sigameko.

"Sisola ukuthi lesi bekuyisigameko sokuziphindiselela kepha amaphoyisa aqhuba uphenyo kanti kusolakala ukuthi lesi sehlakalo sihlobene nesinye isigameko esenzeka eGugulethu.”

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe kuvulwe amadokodo amathathu ngokubulawa kwala bantu kanti kusaqhutshwa uphenyo.

Uthe bekungakaboshwa muntu.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

Kwesinye isigameko, uthishanhloko waseBishop Lavis ubangwa nezibi esibhedlela kulandela ukuthi engenelwe umuntu wamgwaza esikoleni.

U-Wayne Abrahams ugwazwe ekhanda, entanyeni nasehlombe ngoLwesithathu ekuseni kulandela ukuthola izinsongo zokuthi angamthatheli izinyathelo umfundi, 15, obesolwa ngokudubula omunye ngenyanga eyedlule.

Isakhamuzi esicele ukungadalulwa igama sithe udlame oluqhubeka kulesi sikole luhlobene namaqembu ezigelekeqe.

Lo mfundi osolwa ngokudubula omunye kulindeleke abuyele enkantolo ngomhlaka-4 Meyi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...