Amaphoyisa aphenya ngobugebengu eGlebelands athole isibhamu

2017-08-30 15:59

eMlazi - Amaphoyisa aphenya ngobugebengu obuqhubeka ehostela laseGlebelands athole isibhamu sohlobo lwe-R4 nezinhlamvu ezingu-61, kubika iKZN Eyethu.

Lesi sikhali sitholakale endaweni sayeFolweni ngezintathakuza zangoLwesithathu.

Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala kanti kuthiwa lesi sibhamu sizohlolwa ukuze kubonakale ukuthi sike sasetshenziswa yini ezigamekweni zokubulala.

OLUNYE UDABA:'Ukufakwa kwefenisi kuzokwenza kube nzima ukubalekela izitha'

Umsolwa uzogqunywa esitokisini ngesikhathi amaphoyisa esaphenya ukuthi akakaze abandakanyeke na ezenzweni zobugebengu eMlazi nasezindaweni ezakhelene naleli lokishi.

Lo mlisa uzobekwa icala lokutholakala nesikhali esingekho emthethweni kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo yaseMlazi kungekudala.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...