Amaphoyisa aphenya esendoda ebulawe amabhubesi ngempelasonto

2018-02-12 12:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo asecele usizo kuMnyango wezaseKhaya ngokuhlonza indoda ebulawe amabhubesi eHoedspruit, ngaphandle kwasePhalaborwa ngempelasonto.

Owamaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe: "Sizama ngamandla ethu wonke kanye noMnyango wezaseKhaya ukuthola umlando wale ndoda ongase usiholele ekutholeni abakubo."

Isigameko senzeke esiqiwini Ingwelala Private Nature Reserve eseduzane nase-Umbabat Nature Reserve neKruger National Park.

Umnikazi wesiqiwi ozazise ngelikaJosh, uthe uyalelwe ukuthi angakhulumi nabezindaba noma angenise abantu ngaphakathi ngenxa yokuthi amaphoyisa asaphenya.

OLUNYE UDABA:Amabhubesi adwengule abulala owesilisa

UNgoepe, oke wathi umufi uneminyaka engu-47 ubudala futhi ushayela ogandaganda, ubuye waveza ukuthi umuntu obulawe amabhubesi akaziwa.

"Umuntu obekusolwa ukuthi ungomunye wabasebenzi obebambeke kugandaganda usaphila," usho njalo.

"Isiqalile inqubo yokuhlonza umufi kanti futhi kungase kube yimpumelelo ngoba ikhanda lakhe likhona kulezi zicubu zomzimba ezitholakale endaweni yesigameko."

UNgqoepe uthe amaphoyisa aphenya nezinsolo zokuthi umufi kungenzeka ukuthi ubengumzingeli kulandela ukutholakala kwesibhamu sokuzingela eduzane nasendaweni yesigameko.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...