Amaphoyisa anqande izigebengu zigebenga imoto yemali

2017-04-02 09:28

Mokopane – Kudutshulwe abasolwa ababili bashona kwalimala oyedwa, kwaboshwa nabanye ababili ngesikhathi amaphoyisa enqanda izigebengu zizama ukugebenga imoto yemali.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo emgwaqeni ophandle kwaseMokopane eLimpopo.

“Amalungu omphakathi yiwona asilume indlebe ngemuva kokubona iqoqo labasolwa,” kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe.

“Silusukumele ngokushesha lolu daba nokuyilapho esifike savimba iveni yohlobo lwe-Ford Ranger. Kuleso sidididi kusuke uthuthuva kwaba nokudubulana phakathi kwamaphoyisa nezigebengu,” kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Kubulawe unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali

Babili abasolwa ababoshiwe, kanti bonke abasolwa baseminyakeni ephakathi kuka-26 kuya ku-44 ubudala.

Amaphoyisa athole izibhamu zohlobo lwe-R5, ama-9mm amabili. Kubuye kwavela nokuthi leli veni lebiwe endaweni yaseWesternburg ngasePolokwane.

Amaphoyisa azozihlola lezibhamu ukuze kubonakale uma zike zasetshenziswa ukwenza bugebengu phambilini.

Abasolwa bazovela phambi kweMantshi yaseMokopane ngoMsombuluko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...