Amaphoyisa anethemba lokuthi izotholakala ekaswidi 'onobuthi'

2016-11-11 10:00

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng namaphoyisa anethemba lokuthi indoda enikeze izingane zesikole oswidi abanobuthi izotholakala.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uthe amaphoyisa asebenzisana nabafundi kanye namalungu omphakathi ukuhlanganisa isithombe sale ndoda.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa indoda ephe izingane uswidi 'onobuthi'

Kungeniswe esibhedlela abafundi abangu-60 besikole iSuid Heuwels Primary eGoli ngoLwesithathu ngemuva kokukhala ngobuhlungu bezisu nokuphalaza.

Abafundi ababili kulaba bangeniswe esibhedlela besesimeni esibucayi.

Kukholakala ukuthi indoda engaziwa ebihambe ipha izingane zesikole oswidi eGoli.

ULesufi uthe uMnyango usebenzisana neziphathimandla ukuthungatha umsolwa.

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...