Amaphoyisa amabili agetshengwe yizigebengu ebezihlomile

2017-04-04 18:03

Pretoria - Amaphoyisa amabili asebenza ngaphansi kukaMasipala waseTshwane agetshengwe yizigebengu zihlomile, aphucwa izibhamu zomsebenzi.

Ngokubika kwephephandaba iRekord Centurion lokhu kwenzeke endaweni yaseRooihuiskraal ngesikhathi iphoyisa elilodwa liphelezela uzakwabo eya ekhaya.

Ngokusho kwephoyisa elicele ukuba igama lalo ligodlwe, belifika kwalo leli phoyisa likhipha impahla ebhuthini ngesikhathi libona imoto yohlobo lwe-BMW empunga isondela ngakuyena.

“Le moto ifike yama emuva kwami kwaphuma amadoda amabili ephethe izibhamu,” kusho leli phoyisa.

Laba basolwa bafike bakhomba iphoyisa ngesibhamu bafuna isibhamu somsebenzi nomakhalekhukhwini. Leli elinye iphoyisa liyalelwe ukuba lilale phansi.

“Umsolwa oyedwa ubezama ukuqhumisa isibhamu kodwa wahluleka, uthe esazama waphazanyiswa wukuqhamuka kukamakhelwane wami eyongena emzini wakhe," kuqhubeka leli phoyisa.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zazifuna ukumshumpula 'induku'

"Bathuke bakhomba umakhelwane ngesibhamu bamyalele ukuba aphume emotweni. Kube sekuqhamuke omunye umsolwa obemi ngemuva kwesihlahla ongene emotweni kamakhelwane base beyabaleka.

“Kusobala ukuthi konke lokhu bekuhleliwe kodwa akuhambanga ngokohlelo. Ngibonga ukufika kukamakhelwane ngoba yikona okusindise impilo yami,” kuqhubeka leli phoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseWierdabrug uCaptain Agnes Huma uthe amaphoyisa athungatha abasolwa abane abadune imoto emhlophe yohlobo lwe-Nissan X-Trail enezinombolo ezithi ML772GP.

Onolwazi olungasiza amaphoyisa angaxhumana nawo ku-08600-10111 noma ku-Wierdabrug SAPS on 012-685-0000.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...