Amaphoyisa ahlenge abesifazane ebebenziwa izigqila zocansi

2017-08-05 10:46

Cape Town – Amaphoyisa kaMasipala waseGoli ahlenge abesifazane abane abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-30 ubudala lapho bebethunjelwe khona eRandburg, eGoli, ngoLwesine ebusuku.

Abantu baseNigeria ababili baboshiwe ngezinsolo zokuthumba laba besifazane, kanti bagcinwe esiteshini samaphoyisa eRandburg.

UMichael Sun, oyilungu lekomidi lezokuphepha komphakathi, uthe esitatimendeni ngoMgqibelo ekuseni abesifazane bagcinwe endaweni ephephile ngamaphoyisa ngemuva kokuhlengwa kwabo.

Omunye wabo usehlangene nabazali bakhe.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa izakhamuzi ngenqwaba yezinyoka ezizobonakala

USun uthe amaphoyisa kamasipala aqale ukuthungatha abesifazane ngemuva kokuncinzwa indlebe, okuwaholele emzini okuRider Street, eRandburg.

Uthe abesifazane abane bakuqinisekisile emaphoyiseni ukuthi badlwengulwa, bashutshwa nezithombe benqunu.

Izithombe zabo zabe sezifakwa kwi-webiste yabaqwayizi.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...