Amaphoyisa afuthe ngesisi amalungu eNehawu ebhikisha ngaphandle kwenyuvesi

2017-05-19 14:03

Pretoria – Amaphoyisa adubule isisi esikhalisa unyembezi kubabhikishi abangamalungu eNehawu abebebhikisha ngaphandle kwe-University of Pretoria ngoLwesihlanu ekuseni.

Laba basebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-8%, ukukhokhelwa imali yebhonasi kanye ne-medical aid engcono.

Ababhikishi bazame ukungena emagcekeni enyuvesi ngesango ebelivuliwe kuLynnwood Road ngemuva kokuthi kuvalwe isango elikhulu.

OLUNYE UDABA:BUKA: I-EFF imashela esiteshini samaphoyisa ngebheyili kolwaseColigny

Amaphoyisa adubule ngesisi esikhalisa unyembezi kabili kubabhikishi, nababe sebephendula ngokujikijela ngamatshe kanye nezitini emaphoyiseni, ngaphambi kokuba behliswe imimoya ngubuholi beNehawu.

USihlalo wegatsha lesifunda leNehawu, uJoseph Makhasa, uthi amanye amanyuvesi awagcini nje ngokukhokhela abasebenzi babo kakhulu, kodwa aphinde abakhokhele nemali yebhonasi.

 UMakhasa uthi uma ngabe izikhalo zabo kungahlangatshezwana nazo, bazophazamisa usuku oluvulelekile (open day) lwale nyuvesi, oluzoba ngoMgqibelo.

Amalungu eNehawu aqhubekile nokucula kanye nokudansa ngaphandle kwesango elikhulu lenyuvesi kuLynnwood Road.

Zibonele eminye yemifanekiso yalo mbhikisho lapha: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...