Amaphoyisa afuna izihlobo zowesilisa otholakale edindilizile ngase-Alheit

2017-11-14 09:32

eKakamas - Kuthoalake isidumbu sowesilisa okukholakala ukuthi ungumTshwana emseleni wase-Alheit eKakamas.

Lo mlosa okuthiwa useminyakeni ephakathi kuka-40 no-50 ubudala mncane ngomzimba futhi ubude bakhe bulinganiselwa ku-1.64m unezinwele ezincane ezimnyama kanye namehlo amdaka ngokwebala.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni

Lo mlisa ubegqoke ihembe elihlaza, ijini ehlaza kanye namateki anombala omnyama nokumhlophe.

Kukholakala ukuthi lo mlisa ubedindilize kulo msele isikhathi esingangesonto nokwenza amaphoyisa asole ukuthi wumuntu ovame ukubamba amatoho kanti akasiyena wakule ndawo.

Uma kukhona ongasiza amaphoyisa athole izihlobo zakhe angaxhumana noD/Warrant Officer Frikkie van Wyk eKakamas Detective Service ku-054-431 0863 noma ku-084 833 8590.  


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...