Amaphoyisa achibiyela iqiniso kulandela ukutholakala kosana

2017-03-12 11:30

Durban – Amaphoyisa azama ukuthola iqiniso ngokuthi kwenzakaleni ngesikhathi kuthunjwa usana olunenyanga eyodwa luzelwe, uSiwaphiwe Mbambo, eGame City ngoLwesihlanu.

Abomthetho bathi ngeke bawushiye ngaphandle umndeni uma sebeqhuba uphenyo okuhloswe ngalo ukutholakala kweqiniso.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekisile ukuthi uSiwaphiwe utholakale phakathi kwamabili ngemuva kokumiswa kwemoto esolisayo eMariannhill Toll Plaza.

OLUNYE UDABA: Ngiphatheke kabi ngomntanami, kusho ubaba wosana

Kube sekuboshwa abasolwa abathathu, okubalwa nomama wengane.

UZwane uthe eminye imininingwane izotholakala ngokuhamba kwesikhathi njengoba abaseshi besachibiyela ulwazi abanalo.

Kukholakala ukuthi izihlobo zengane ziphakathi kwabasolwa ababoshwe ngamaphoyisa.

Omunye umthombo okhulume ne-TMG Digital uthe amaphoyisa abevele ewuqaphe ngeso lokhozi umndeni kusukela kwabikwa ngalolu daba ngenxa yokuthi “bekukuningi obekungahlangani”.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...