Amaphoyisa acela usizo ngokutholakala kwesidumbu sowesifazane

2018-01-14 12:00

Johannesburg - Amaphoyisa aseMusina acela usizo kumalungu omphakathi angase abenolwazi kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane epulazini eliseLimpopo.

Kukholakala ukuthi uMagzikova Mushaathama, 27, waduka kusukela ngomhlaka-4 Januwari.

Amaphoyisa athi uMushaathama wabulwa, isidumbu sakhe salahlwa epulazini.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela usizo ngokufuniswa abadukile

Okhulumela amaphoyisa uTshifhiwa Radzilane uthe imbangela yalesi sigameko sokubulawa kowesifazane ngesihluku asaziwa kodwa amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.

"Amaphoyisa acela onolwazi ngesigameko axhumane namaphoyisa ukuze kuzoboshwa umsolwa/abasolwa.

Onolwazi uyacelwa ukuba ashayele uCrime Stop ku-0860010111 noma aphuthume esiteshini samaphoyisa esiseduze naye.

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...