Amaphoyisa acela usizo ngabasolwa ngokudlwengula abagibela amatekisi

2017-08-21 07:39

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng ngeSonto acele imininingwane ngomsolwa wesithathu ofunwa ngecala lokudlwengula nelokubamba inkunzi owesifazane kuhlonyiwe etekisini eRidgeway ngasekuqaleni konyaka.

"Owesilisa ongasiza amaphoyisa yilowo owayeshayela imoto,” kusho uColonel Lungelo Dlamini esitatimendeni.

Abesilisa abathathu bafunwa ngecala elenzeka ngo-Ephreli 2017 ngesikhathi owesifazane ebanjwa inkunzi edlwengulwa egibele itekisi esuka eRidgeway eya eSouthdale.

Wabe esekhonjwa ngesibhamu ngomunye wabesilisa, waphucwa umakhalekhukhwini wakhe kanye nekhadi lasebhange.

Itekisi yabe isima kwi-ATM kwakhishwa khona u-R1200 kwi-akhawunti yakhe.

OLUNYE UDABA: Kuthokale isidumbu sowesilisa sishisiwe emotweni

Ithimba labaphenyi lisebenza ngenqwaba yamacala afuze leli enzeka eGauteng namaphethelo kanti bane abesilisa abasaboshiwe.

Kwesinye isigameko esenzeka ngoMashi nonyaka eFlorida, owesifazane wayehamba ngetekisi nendodana yakhe ngesikhathi ebanjwa inkunzi edlwegulwa.

"Ikhadi lakhe lasebhange lasetshenziswa ngabasolwa ukuthenga utshwala ngokuhamba kwesikhathi."

Onemininingwane ngabasolwa angaxhumana nomholi wethimba labaphenyi uCaptain Elon Bester ku-079 890 7472 noma uConstable John Mokoena ku-071 675 6166.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...