Amaphoyisa acela ukufuniswa abasolwa abadubule babulala ikhetha nesalukazi

2017-12-05 16:00

eThekwini - Amaphoyisa aseMehlomnyama, ogwini oluseningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, athungatha isigilamkhuba esidubule sabulala owesifazane oneminyaka engu-65 ubudala.

Lona wesifazane udutshulwe ekwakhe endaweni yasoShabeni, ngaphandle kwaseSayidi, ngezithuba zabo-09:00 ebusuku.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Zandra Wiid, lona wesifazane ubephuma kwenye indlu engurawondi eya endlini enkulu ngesikhathi ehlaselwa.

OLUNYE UDABA:Izingane zithole isidumbu sentombazane, 7, eGoli

Kwesinye isigameko esenzeke eBhobhoyi, amaphoyisa abizelwe kule ndawo ngoLwesine kutholakala isidumbu sekhehla.

Kulokhu uWiid uthi leli khehla elineminyaka engu-74 ubudala litholakale lishonile futhi linenxeba lokudutshulwa.

Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala kanti akukaboshwa muntu okwamanje, kubika i-Eyethu KZN.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...