Amaphara abaphilisa kabuhlungu abafundi baseThekwini

2017-09-18 16:00

Durban - Babhodla umlilo abafundi base UNISA (Universtiy of South Africa) kwikhempasi yaseThekwini ngokungasukunyelwa kwezidingo zabo nguMasipla weTheku.

Laba bafundi bakhala ngokubanjwa inkunzi ngamaphara (yimigulukudu ehlala emgwaqeni) uma beya esikoleni ngoba lokhu sekuphenduke inhlala yenza kanti okubuhlungu kakhulu wukuthi izinsiza zezokuthutha azifiki kule nyuvesi nokuyinto eyenza impilo yabo ibe nzima kakhulu.

Sekuphele unyaka bekhuluma ngalololu daba nekhansela kanye neMeya kodwa ayikho imizamo eyenziwa.

Laba bafundi bathi impilo yabo isengcupheni mihla namlanga uma beza esikoleni.

Ukuqhubeka kwalesimo kudale ukuthi abanye abafundi bangazibhali izivivinyo zabo ngenxa yokuthi baphucwa izikhwama, ezisuke zinezigqebhezane zesikole kanye nomazisi babo. Bathi babanjwa kakhulu ngase-Workshop nangase-Inkosi Albert Luthuli Convention Center (ICC).

OLUNYE UDABA:Uthishanhloko 'ungqimuze' abafundi odongeni

UXolo Magutshwa,23, ongumfundi ohlala eGlenwood osekebanajwa inkunzi izikhathi ezimbalwa naye ukhala ngomasipala ongalusukumeli lolo daba njengoba angakwazanga ukubhala izivivinyo zakhe.

“Kwasekusele izinsuku eziwu-5 ukuthi ngibhale, bangiphuca isikhwama sami ngase-ICC. Umazisi kanye nezinye izitifiketi zami kwakusesikhwameni. Nokuvula icala akungisizanga ngalutho ngoba abakaze babanjwe abasolwa, kunalokho, yimina engibhekana nezindleko zokuzama ukwenza umazisi nezitifiketi ezintsha.

esino mazisi kanye nesitifiketi sika matikuletsheni, lalingaka gamanxi ngisho ihora lesithupha ntambama. Sekuyazifanela ukuvula icala ngoba akukho okwenzekayo ,asisazihluphi singabafundi ngoba kufana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada. Abazali bami ”kusho uMnu Xolo Magutshwa

UMhlaluka  Photshe,42, ohlala e-Eastern Cape onengane efunda lule nyuvesi uthi ingane yakhe yasinda ngokulambisa ngesikhathi beyibeka ummese entanyeni befuna isikhwama ayesiphethe sesikole.

“Sikhazeke kakhulu sicela lusukunyelwe loludaba. Ingane yami yaphucwa isikhwama yacishe yafa. Into esikhathaza kakhulu wukuthi izingane zethu zihlalela ovalweni njalo uma ziya esikoleni, akuyona impilo lena,"kusho lomama.

UBongumusa Dlamini oyikhansela lakuwadi-26 ezindaweni ezigudle ulwandle uthe abafundi bake bakhuluma naye emavikini amabili edlule njengoba bakebaba nemashi eyayisuka ku-King Dinuzulu ebheke eDurban City Hall beyohambisa izikhalo zabo, uhlu lwezikhalo lwamukelwa ibona.

Amaphoyisa athintiwe ngalolu daba athi awakaze athole izikhalazo ezivela kubafundi, futhi bayabangxengxa ukuba baxhumane nokhomishana wesiteshi samaphoyisa esiseThekwini, babike lezi zenzakalo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...