Amanesi athi angiyofela ekhaya - Isiguli

2017-03-01 14:02

Port Elizabeth - ULuyanda Patuleni,51, waselokishini laKwaZakhele, ePort Elizabeth, ugulela ekhaya ngenxa yokuthi isibhedlela sinqabile ukumsiza.

Lona wesilisa uphethwe yi-TB yamathambo kanti nenyama yakhe iyabola.

Utshele iDaily Sun wathi: “Kusukela ngo-2004 ngingena ngiyaphuma esibhedlela. Ngo-2012 ngabe sengifaka isicelo sokuthola i-wheelchair.”

UPatuleni uthi kunokuba athole i-wheelchair, wakhonjwa indlela.

OLUNYE UDABA: Uyavela osolwa ngokubulala abazali bakhe eThekwini

“Amanesi aseDora Nginza Hospital angitshela ukuthi angihambe ngiyofela ekhaya ngokuthula ngoba alikho ikhambi elingangisiza. Baphinde bathi ayikho i-wheelchair yami.

“Ngabatshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuphila ngaphandle kwamaphilisi. Bathi kumele ngiyowathola eMpilweni TB Hospital kodwa banganginikeza incwadi engidlulisela khona.”

Kuthiwa unezilonda ezinqeni futhi uhlale ekhala ngenxa yezinhlungu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSizwe Kupelo uthe uzoludlulisela phambili lolu daba.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...