Amanesi anike usana imishanguzo ye-HIV ngephutha

2016-11-02 14:31

Johannesburg - Odokotela bazama ukukhipha imishanguzo eyaziwa nge-Nevirapine emzimbeni wengane ngemuva kokunikwa ngamanesi ngephutha.

Umama osenmncane waseGoli, ongenalo igciwane lesandulela ngculazi, uthi amanesi aseDr Yusuf Dadoo Hospital eKrugersdorp amnikeza iNevirapine ukuba ayinike usana lwakhe oluzalwe ngoLwesithathu olwedlule.

Wayalelwa ukuba alunikeze le mishanguzo isikhathi esingamasonto ayisithupha, ngokwekhadi lasesibhedlela.

OLUNYE UDABAKuboshwe 'umalume' iveni ishayisa isihlahla

INevirapine inikwa izingane ngenhloso yokuba zingalitholi igciwane konina abasuke benegciwane.

Uma la maphilisi engampontshwa emzimbeni wengane ngokushesha, angase ahlale emzimbeni iminyaka engu-20 adale nokuthi uma ingane ithola i-HIV ngokuhamba kwesikhathi ingelapheki, kusho ungoti ongafunanga kudalulwa igama lakhe.

Umama uthi ubengazi ukuthi ubefaka ingane yakhe engozini ngokuyinika amaphilisi awanikezwe ngamanesi, kubika iSowetanLive.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...