Amalungu ezitokofela abanjwe inkunzi imali engafinyelela ku-R1m ngamaholidi

2018-01-09 09:35

Port Elizabeth – Amalungu ezitokofela agetshengwe imali engalinganiselwa ku-R1m ngoDisemba, ngokusho kwamaphoyisa ePort Elizabeth.

Angaphezu kuka-20 amacala ahlobene nokugetshengwa kwamalungu ezitokofela abikwe ngoDisemba, kanti imali eyebiwe icishe ifinyelele ku-R1m.

Umphathi wamaphoyisa eMotherwell uMajor General Dawie Rabie uzwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwezinga lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe amalungu ezitokofela.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili ngokubulawa kukasomabhizinisi nomsizi wakhe

"Amalungu ezitokofela kudingeka ashintshe indlela enza ngayo uma sekwehlukaniswa imali,” esho.

URabie uthe amaphoyisa acela ukuhlangana namalungu ezitokofela, yizinkampani zokuphepha kanye namabhange ukuqhamuka nesu elizoqinisekisa ukuthi izigameko ezinjena ziyagwemeka ngokuzayo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...