AmaLungu ePhalamende afuna uGigaba azochaza ngolwamaGupta

2017-06-20 14:00

Cape Town – AmaLungu amaqembu ahlukene ePhalamende afuna uNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, nowayenguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, azochaza ngokunikezwa komndeni wakwaGupta ubuzwe bakuleli.

Kodwa-ke amalungu ekomiti loMnyango wezaseKhaya azwakalise ukungenami ngokungabibikho koMqondisi Jikelele woMnyango wezaseKhaya, uMkuseli Apleni, ngesikhathi kuqala umhlangano ngoLwesibili ekuseni.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta bazondelwa ukuthi bangamaNdiya - MKMVA

Amalungu ekomiti ngoMsombuluko athole imiyalezo kanye nama-emails acela ukuthi afike ngesikhathi ekomitini, njengoba u-Apleni ezobe enesikhathi esincane ngoba bekudingeka ukuthi aphinde abe kwi-National Council of Provinces (NCOP).

Kodwa-ke kuthe kushaya u-09:30 ikomiti labe selaziswa ukuthi u-Apleni angeke afike emhlanganweni.

“Asizelanga la ukuzobeka eceleni ubuqotho bethu,” kusho iLungu lePhalamende le-African National Congress, uMaesela Kekana. “Lento ka-DG kanye noNgqongqoshe yokungabi khona la iwukungahloniphi ngokuphelele. La bantu kufanele babe la ukuzocacisa. Lolu wudaba oluthinta umphakathi.”

Ubefuna ukuthi uGigaba, owangena esikhundleni sakhe,uHlengiwe Mkhize, kanye no-Apleni ukuthi babizwe ukuze bezovela ngaphambi kwekomiti.

“Kumele beze la bazophendula,” egcizelela.

Namanye amaqembu ezepolitiki azwakalise ukuwuseka lo mbono. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...