Amalungu e-ANCWL afuna kubuyiswe isigwebo sentambo

2017-07-01 12:57

Johannesburg – Amanye amalungu e-ANC Women’s League afuna kubuyiswe isigwebo sentambo, ngemizamo yokunqanda ukubulawa kwabesifazane.

Umengameli walolu phiko, uBathabile Dlamini, utshele iNews24 lapho kubanjelwe khona ingqungquthela yesihlanu yemigomo ye-ANC ngoLwesihlanu ukuthi isigwebo sentambo singesinye sezihloko okuzokhulunywa ngazo engqungqutheleni.

"Engikubonile ukuthi abesifazane bayakhala kakhulu, ikakhulukazi abesifazane abasebancane bafuna isigwebo sentambo,” kusho uDlamini.

Isigwebo sentambo sasisetshenziselwa ukubulala ababelwela inkululeko. NgoJuni 1995 iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi asihambisani nomthethosisekelo.

OLUNYE UDABA: UZuma uqoke ijaji elisha eNkantolo yoMthethosisekelo

Inkantolo yathi isigwebo sentambo siphambene nomthetho othi umuntu onelungelolokuphila.

Kunomuzwa wokuthi labo ababulala abesifazane kuvamile ukuba baphunyuke kalula.

UDlamini uthi uMbuso akukuhle kodwa ukuba unikezwe ilungelo lokubulala.

Ngakho kunesiphakamiso sokuba kuqiniswe imithetho ukusiza abesifazane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...