Amadodakazi eSilo athi izintombi azivikele usiko lwazo

2016-06-23 19:03

Durban – Amadodakazi eSilo samaBandla onke uGoodwill Zwelithini asevikele imifundaze yezintombi nto, anxusa ukuba wonke amantombazane angamaZulu kumele asukume avikele lokho ayikho.

Le zintokazi zasebukhosini zithe ngoLwesine zizimisele nangokubamba impi uma kungayekwa ukugxekwa kosiko lwazo.

INdlovukazi uMukelile uthe nomlando uyasho ukuthi njalo uma kumele bavikele izinto okungezamaZulu benza kahle uma bekulelwa, nalena yimpi.

Funda nalolu daba: Bavelile ababulala owokufika eLimpopo

Amadodakazi eSilo – iNdlovukazi uMukelile neNdlovukazi uNqobangothando – kanye namalunye amalungu omndeni wasebukhosini kanye nemeya yasoThukela uDudu Mazibuko, bebekhuluma ngesinqumo seCommission for Gender Equality mayelana nemifundaze yezintombi nto.

Ngeledlule ikhomishana ithe kuphambene noMthethosisekelo ukunikezwa kwemifundaze kumantombazane ayizintombi nto kuphela.

NgoJanuwari 16 kunezintombi nto ezanikezwa imifundaze eyaziwa ngeMaidens Bursary Award ngumasipala wasoThukela ngozikuphatha kahle kwazo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...