Amadlozi athume ithwasa lomlungu ukuba lihlanganise isizwe

2016-03-15 10:01

Johannebsurg - Izehlakalo zokucwasana ngokwebala eNingizimu Afrika kanye nenzondo yezinhlanga ezahlukene sekucasule ngisho abadala asebalala.

Kanti manje abaphansi sebekhethe ithwasa lomlungu ukuba lidlulise umyalezo obalulekile kubantu bonke baseNingizimu Afrika.

Umyalezo ulula: “Amadlozi awanakho ukucwasana!”

Funda nalolu daba: Ibulalise oyedwa inyama eyonakele

Ekhuluma neDaily Sun, uRick Simpson,50, oyithwasa, uthe kusukela ngo-1996 ubanezibonakaliso uma elele. Uthi waqale wanganaka ukuthi unobizo.

“Emaphusheni ami kunamanzi ahlukanisa izindawo ezimbili. Ngakolunye uhlangothi kunabantu abamhlophe kanti ngakolunye kunabantu abamnyama.”

“Amadlozi ami angikhombisa umuthi emanzini, kodwa angizange ngibenokuqonda ukuthi kusho ukuthini konke lokhu.”

“Amadlozi ami ayelokhu ethi bonke abantu bayalingana, kodwa bahlukaniswa amanzi ngoba bahlala ngokwehlukana,” kusho uRick.

URick waseWillows ePort Elizabeth uqale ukuthwaswa kwagogo Philsande eMotherwell ngoMgqibelo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...