Amabhubesi adwengule abulala owesilisa

2018-02-11 12:10

Polokwane – Owesilisa oneminyaka engu-46 ubudala udwengulwe wabulawa amabubesi ngaseHoedspruit ngaphandle kwasePhalaborwa ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthi owesilisa kuthiwa ubehamba ngogandaganda ofe ungakafiki lapho abeya khona.

OLUNYE UDABA: Babili abagwetshwe odilikajele eMadadeni

Uthi owesilisa ube esethatha isinqumo sokuba ahambe ngezinyawo, kanti kuzoqhamuka amabhubesi ambulale.

UNgoepe uthi isidumbu sowesilisa sitholakale ngemuva kokuba amabhubesi ebalekiswe ukuqhuma kwesibhamu.

Amaphoyisa ayaphenya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...