Aluhlehli udwendwe umakoti engadukile, kusho uMcineka

2017-07-19 07:01

Durban - Umsunguli weMpucuzeko Maskandi Festival uXolani Mcineka uthi konke sekumi ngomumo ngomcimbi oyintandokazi, odume ngele-World Cup kaMaskandi.

Lo mcimbi ozobanjelwa ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, ulindwe ngabomvu ngabathandi bakamaskandi KwaZulu-Natal.

Okuhle kubathandi balo mcimbi kulo nyaka wukuthi uxhaswe ngabakwa-Prasa ngakho-ke izitimela eziya kule nkundla zizobe zibathutha mahhala abalandeli kuzo zonke izindawo ezakhelene neTheku.

Ngokusho kukaMcineka, lesi ngesinye sezizathu esenza ukuba umcimbi usheshe uphele.

“Umcimbi uzoqala ngo-10:00 ekuseni kanti futhi kunesikhathi esibekelwe sona ukuba uphele ngaso ukuze izitimela zikwazi ukubuyisela abantu emakhaya. Izitimela zokugcina zihamba ngo-21:00 ebusuku,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Umculi kamaskandi uhlasele intatheli yeLANGA

UMcineka uthi sehle kakhulu isibalo samavukana kulo nyaka ngoba bahlangabezana nenkinga ngonyaka odlule amavukana emaningi kakhulu ukudlula abaculi abathandwayo.

Ekhuluma nabosakazi beSigiya Ngengoma kuKhozi FM ngoMgqibelo, uMcineka uveze ukuthi ngonyaka odlule amavukana kulo mcimbi ayebalelwa ku-70 kanti kulo nyaka aweqile ku-10.

“Kubalulekile ukuthi abantu bazuze ngemali abayikhiphile, ekugcineni le yi-world cup, kanti futhi kuyaziwa ukuthi akusiwona wonke umuntu othola ithuba lokudlala kwi-world cup, ingeyabakhethekile kuphela,” kusho uMcineka.

UMcineka ubuye wathi lo mcimbi uzobe uhanjelwe yizikhulu zikaMasipala weTheku nabangabanye babaxhasi balo mcimbi kanye noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...