Alokhu engene njalo awenduduzo ngokushona kwalowo obesakaza ezemidlalo

2017-11-23 12:30

Cape Town - Ayisekho emhlabeni inkakha kwezokusakaza ezemidlalo uCebo Manyaapelo, lokhu kuqinisekiswe ngabakwa-SABC ngesitatimende esikhishwe ngoLwesithathu.

UManyaapelo, 50, obedume ngelika-CC waqala ukusakaza ngonyaka ka-1984 eshayela uhlelo lwasekuseni emsakazweni iMotsweding FM.

OLUNYE UDABA:UKomphela uyazi ukuthi uSuthu luyingozi kodwa ufuna ukuwina

Lo msakazi waduma kakhulu esakaza ibhola lezinyawo nokuyilapho athola khona ukuhlonishwa kakhulu emsebenzini wakhe.

Imbangela yokushona kwakhe kayaziwa okwamanje kanti abakwa-SABC badlulise awenduduzo emndenini kanye nakubo bonke abalaleli bakhe.

Abadlali bebhola abafana no-Itumeleng Khune nabo babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudumala ngokudlula kwale nkakha emhlabeni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...