Akwenzi mqondo ukuboshwa kosolwa ngetulo lokuketula uMbuso - Cope

2017-04-29 12:01

Johannesburg - ICongress of the People (COPE) inemibuzo ngokuboshwa kwalowo okuthiwa ubakha itulo lokuketula uhulumeni, ithi kukhona okushaya amanzi ngalolu daba. 

“Akwenzi mqondo ukuba kubenomuntu oyedwa owakha itulo lokuketula uhulumeni futhi abenobudedengu ezinhlelweni zakhe. Akuyona imfihlo ukuthi abantu okuthiwa bebezobulawa ‘bayizitha’ kusho okhulumela iqembu uDennis Bloem ngoMgqibelo ekuseni. 

U-Elvis Ramosebudi, 23, oboshwe eMidrand ngoLwesithathu, uthweswe icala ngokwakha itulo lokubulala.

OKlebe bathi ngo-Okthoba ngonyaka odlule banqanda ukubulawa kwamanye amalungu eKhabinethi, awezinkampani zikahulumeni kanye nabantu abaqavile eNingizimu Afrika.

Ngokusho koKlebe, umsolwa ungumsunguli we-Anti-State Capture Death Squad Alliance (ASCDSA) kanti uboshwe ematasa echazela abantu abathile ngendlela okuzobulawa ngayo labo abahlomula ngokulawulwa kwamandla oMbuso ngabathile.

OLUNYE UDABA: Izigebengu ziqhumise ama-ATM zadubulana namaphoyisa

Bangu-19 abantu obekuhlelwe ukuthi bazobulawa kodwa oKlebe bathi amagama abo azodalulwa enkantolo.

Umthombo othembekile weNews24 ngoLwesihlanu uthe uMengameli Jacob Zuma namalungu omndeni wakwaGupta kanye nezinye zezikhulu eziphezulu kuhulumeni basohlwini lwabantu obekuhlelwe  ukuba babulawe nguRamosebudi.

Ohlwini lwesibili olunamagama abantu ebebezobulawa - okuthiwa bavikela ongxiwankulu – kubalwa uThuli Madonsela, uVytjie Mentor nalowo owayeyiskhulu se-GCIS uThemba Maseko.

“Yini engenza bafune ukubulala uVytjie Mentoor noThuli Madonsela ekubeni bengekho kuhulumeni, ukubiza ngokuketula uMbuso lokho?,” kubuza uBloem.

Uthe abantu baseNingizimu Afrika ngeke banziwe izilima nguhulumeni kaZuma.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...