Akwaziwa ukuthi ithunjweleni intatheli yakuleli eSyria

2017-01-15 11:01

Johannesburg - IGift of the Givers ithi ayikatholi namanje ukuthi kungani intatheli yaseNingizimu Afrika uShiraaz Mohamed ithunjwe eSyria, kodwa ikholelwa ukuthi kwenziwe iphutha.

Le nhlangano ezimele ithi kwesinye isikhathi endaweni okuliwa kuyona, abantu bokufuka bahlale bebonwa njengabasolwa.

IGift of the Givers ithi ixoxisana nohulumeni waseTurkey kanye nezikhulu ezingasemngceleni waseSyria, lapho uMohamed athunjwa khona ezinsukwini ezinhlanu ezedlule.

OLUNYE UDABA:  Kudutshulwe kwabulawa umama nengane yakhe

IGift of the Gibvers ithi kubalulekile ukuthi kwehliswe umoya njengoba isalubhekisisa lolu daba.

UNelson Kgwete wezobudlelwane namazwe omhlaba uthe bazofuna usizo emazweni ongamakhelwane neSyria.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...