Akuyekwe ukugqokwa komakalabha ePhalamende - ANC

2017-02-15 07:03

Johannesburg - UKhongolose uphinde wacela ngoLwesibili ukuthi kuyekwe ukugqokwa komakalabha ePhalamende.

AmaLungu ePhalamende eqembu lezeplitiki i-Economic Freedom Fighters aphendula omakalabha izikhali, kusho okhulumela i-ANC uZizi Kodwa esitatimendeni.

"Le ndlela yokuziphathisa okwemigulukudi iyishwa futhi ikuveza obala ukuthi i-EFF iyahluleka ukuziphatha ihlezi idala isiphithiphithi, iphazamisa."

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Iphendulwe ihlaya i-#SONA 2017 ezinkundleni zokuxhumana

Amanye amalungu ePhalamende e-EFF asebenzisa omakalabha ukuzama ukulwisana nonogada basePhalamende ngesikhathi esekhishwa ePhalamende, ngesikhathi uMengameli Jacob Zuma elindele ukwethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine olwedlule.

UKodwa unxuse iPhalamende ukuba lithi uma selubhekana nalolu daba "liqinise isandla", livikele nezakhamuzi zakuleli ezithembele emaqenjini azo ukuba azimele ekwenzeni izinguquko.

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi uthe uma i-ANC ifuna imigulukudu, ayibheke ngaphakathi eqenjini layo.

UNdlozi uthe alikho nelilodwa ilungu le-EFF elitholwe necala lokuphambana nomthetho, njengoZuma.

"UZuma oziphathisa okomgulukudu, weba imali ukuze ezokwakha umuzi eNkandla," usho kanje.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...